Izinga lokubeletha ngomthungo eNingizimu Afrika liphakathi kwaphezulu kakhulu emhlabeni
Kukumaphesenti angama 77 wezingane abazali bazo bangaphansi kohlelo lwezempilo ezizalwa ngomthungo eNingizimu Afrika.
Kunezinhlobo ezimbili zemithungo
Kunezinhlobo ezimbili zemithungo – owokuzikhethela Kanye nophuthumayo. Njengenjwayelo, udokotela wokubelethisa uzoncoma umthungo wokuzikhethela umangabe kunengcuphe yezempilo ekhona ngokuzitetela ngendlela. Imithungo ephuthumayo yenziwauma wena noma ingane besosizini, ubhekana nezinkinga kwiplacenta yakho, noma ukubeletha kwakho kuza kancane.
Ukuteta ngomthungo kahlehle akuyona ‘indlela elula’
Ukuteta ngomthungo ukuhlinzwa oukhulu kanti kungayalelwa uchwepheshe wezempilo kuphela uma kunesizathu esizwakalayo salokho. into ebalulekile ukukhumbula ukuthi impilo yakho Kanye neyengane yakho zibalulekile.
Kungaba nabantu abaningi ethiyetha yokuhlinza
Kanye nodokotela wakho, kungaba nomhlengikazi oyedwa (noma ababili), nomunye ozosiza udokotela wakho, udokotela obulala imizwa Kanye nodokotela wezingane.
Usazokwazi ukuzwa konke okwenzakalayo
Naphezu kokuthola umthamo efanele wokubulala imizwa, uzokwazi ukuzwa umntwana wakho ekhishwa kwisibeletho sakho, uma kukuthi uvukile ngesikhathi ubeletha ngomthungo. Angeke uzwe ubuhlungu, kodwa lindela ukuzwa ingcindezi noma mhlambe umuzwa wokudonswa njengoba udokotela wakho ekubelethisa ingane.
Usazokwazi ukuthintana nesikhumba
Ugp Michelle Groves uthi, “iseluleko esinconywayo esokuyekela umama nomntwana bethintane ngomzimba ngokushesha nje emva kokubeletha, uma nje kunganazinkinga.”
Ungancelisa ngokushesha
Kunikezwe ngokuthi ingane iphume inempilo, ingabekwa ebeleni likamama ngokushesha nje emva kokubelethwa, ngokusho kukadokotela wkubelethisa uDkt Gino Pecoraro. Umama angagona bese eyekela ingane inqamule ibele lakhe futhi incele ngesikhathi udokotela eqhubeka nokuhlinzwa. Imithi yesimanje ikahle, angithi?
Ungaba nama side effect anjengokuthuthumela
Ukuzwela amakhaza noma ukuthuthumela okungalawuleki emva kokubeletha ngomthungo okungalimazi, kanti kujwayelekile. Kuyaye kuthathe isikhathi esingamahora embalwa emva kokubeletha, kodwa kuyasabisa uma ubungakulindele.
Usazobhonda nomntwana wakho
Amandla okwazana nomntwana wakho kuyafana nokuthi ubelethe ngemvelo. Ngokusho kuka Michelle uyobe usazowuzwa loyamuzwa oyinqayizivele wokuxhumana, kodwa uzodinga usizo olwengeziwe.
“emva kokubeletha ngomthungo, umama uzoba nezinhlungu kwesingezansi sakhe, okungahle kunciphise ukuhamba. Kodwa abaningi omama abasha babesebesukuma emva kwamahora ambalwa bebelethe ngomthungo kanti kuhlale kunabahlengikazi abazosiza ukuphakamisa umntwana besize ngokunakekelwa.”
Ukhathazekile ngesibazi sakho somthungo? Angeke sibesikhulu ngalendlela ocabanga ngayo
UGino uthi isibazi sijwayeleke ukubasincane ngokwanele ukuthi singafihleka. “isibazi sokubeletha ngomthungo siba sikhulu kuphela uma kukhishwa ikhanda lengane, sibe ngamasentimitha ayishumi. Khumbula, isikhumba siyanwebeka ukuze sikwazi ukudlula njalo ngesibazi esincanyana.” ukusikwa okuzokwenziwa cisho kuba ububanzi bomunwe owodwa noma ababili ngaphansi kwethambo lesitho sangasese, okungeke kobonakale uma unoboya noma uhlele ukugqoka ibhikhini.
Ungase ubhekane nobunzima bokuqunjelwa emva kokubeletha ngomthungo
Ukuhlangana kobuhlungu bemithi Kanye nokuhlinzwa kukodwa nje kungabangela ukuqunjelwa, emva kokubeletha ngomthungo, ngangaba into engeyinhle. Khuluma nodokotela wakho ngokuthatha okokuthambisa noma umkhiqizo ofanayo.
VBAC: ungakwazi kubeletha ngemvelo emva kokubeletha ngomthungo
Abesifazane abaningi bakholelwa ekutheni emva kokubeletha ngomthungo, angeke besakwazi ukukhetha ukuzizalela ngemvelo ezinganeni zabo ezilandelayo. Lokhu kuyangesimo somuntu siqu Kanye nomlando wokubeletha. Uma akunazinkinga eziqhubekayo, udokotela wakho engakuvumela ukuthi uzibelethele wena.
UGino uthi, “uma owesifazane ehlela ukuzibelethela emva kokubeletha ngomthungo, kubalulekile ukuthi azi izingcuphe bese kwenziwe ngaphansi kokunakwa ngokwezokwelapha, lapho kunokufinyelela ekubelethiseni ngomthungo okuphuthumayo uma kufanele.” Khuluma nodokotela wakho ngezeluleko.
Kanti usazokopha nasmva kokubeletha ngomthungo
Ngoba nje awubelethanga ngendlela, akusho ukuthi uzokweqa ukopa emva kokubeletha, okungahlala amasonto ayisithupha.
Ukuzivocavoca njalo kungasiza ukubalekela ukubeletha ngomthungo
Ukuzivocavoca njalo uma uzithwele akusizi kuphela ukukugcina usesimweni esikahle, kuphinde kwehlise amathuba okubeletha ingane enkulu kanti amathuba okuthi utete ngomthungu. Izifundo ziveze ukuthi abesifazane abazibandakanya nokujima okumaphakathi kathathu ngesonti babeletha izingane ezincane (ezingaphansi kwamakhilo angama 4,1) bese inani labesifazane abalindele ukubeletha ngokuhlinzwa kwehle ngesithathu.
Isikhathi sokululamela esibhedlela ngemuva kokuhlinzwa akusona isikhathi eside njengoba sasijwayelwe
UMichelle uthi, “njengenjwayelo, izinsuku ezintathu isikhathi eside sokuhlala emva kokubeletha ngomthungo.” Kwakungajwayelekile kubantu besifazane abaneminyaka engama 20 noma 30 yobudala ukuhlaliswa embhedeni kuze kuba isonto. “sinokuthuthuka kwezokwelapha Kanye nemishanguzo yokuhlinzwa ukubonga nokwehlisa ukugcwala ezibhedlela” kuchaza yena.
Kusesewukuhlinzwa
Khumbula, umthungo kusaseyinqubo yokuhlinzwa, ngakho uyolungiselelwa njengazo zonke iziguli. Lokhu kusho ukuthi uzolindelwa ukuba nesisu esinganalutho, esinganakudla noma isiphuzo esivumelekile. Ungazizwa womiwe kakhulu ngesikhathi sokusikwa kanti, ukusiza, umbelethisi engakunika amshiphisi ukuthi uwamunce kancane. Umthetho ojwayelekile ngaphambi kokuhlinzwa, nokho, akufunakali lutho emlonyeni.
Kube nokukhula komkhuba wokubeletha ngosizo lukamama
Ilanake lapho umama esiza ukubeletha umntwna ngokuziphushela yena ngokwakhe. Uma ufuna ukwenza lokhu, kufanele uhlanzwe bese ‘ufake izimpahla zakhona’ njengodokotela ohlinzayo, kodwa kusagcwele ngengcuphe enkulu yokutheleleka kokusikwa kwkaho kanti ochwepheshe abaningi bezempilo abakuvumeli lokhu. Esibhekane nje nalokhu, ukuzibandakanya ekubeletheni kwakho ngomthungo akukona okwabantu abanezinhliziyo encane!
Amaziga akho kavithamin D ngesikhathi sokuzithwala abalulekile
Umntwana uthola uvithamini D kusuka kuwena, ngakho-ke kubalulekile ukugcina izinga lakho liphezulu ngesikhathi usazithwele. Ukuntuleka kukavithamini D kungakhuphula amathuba okubeletha ngomthungo. “ukuntuleka kuka vithamini D ngesikhathi uzithwele kuyamaniswa nepre-eclampsia, iphika, izifo zenhliziyo Kanye nokubeletha ngaphambi kwesikhathi,” kuchaza uMichelle. “abesifazane abakhulelwe fanele bebenezinga likavithamini D wabo lihlolwa ngokuhlolwa kwegazi ukubona ukuthi abantulini kuqala ngaphambi kokuqaliswa ngemishanguzo.”
Ukululama ekubeletheni ngomthungo kungahamba kancane kunokuzibelethela ngokwakho
Abesifazane ababelethe ngomthungo, kungaba kuhleliwe noma bekuphuthuma, bengathatha isikhathi eside ukuthi bazizwe bekulungele ukuzovocavoca futhi, kanti lokho kwamukelekile! Kuchaza uDkt Preeya Alexander, “udokotela wokubelethisa noma umhlengikazi wokubelethisa uzokuyala mayelana nokubuyela ezintweni kuyangokuthi ubelethe kanjani – kodwa kujwayeleke ukuthi umzimba wakho kube iwona okutshelayo masukulungele.”
Uma uyasaba ukuzala izingane, kungenzeka udinge ukubeletha ngomthungo ophuthumayo
Isifundo esashicilelwa kwi BJOG: kwiphephabhuku lomhlaba lezokubeletha Kanye nezabesifazane lathola ukuthi abesifazane abangama phesenti ayi 10,9 abasaba ukuzalwa kwezingane ngomthungo ophuthumayo kuqhathaniswa nabangama pgesenti awu 6,8 wabesifazane abangesabi.
Abesifazane abaqalisa ukwesaba ukubeletha izingane kungenzeka besikwe isikhathi eside, okungakhuphula amathuba abo okubeletha ngomthungo ophuthumayo.
Kunomkhuba omusha obheke ekubeletheni ngomthungo ‘okubunene’
‘ububunene’ noma ‘imvelo’ umthungo ilapho ingane iyekelwe ukuthi iphume ngaphandle kokusikwa ngaphandle kokusizwa, njengoba kwenzeka ekuzibeletheleni ngendlela. Kodwa odokotela abanye bayaphikisana nalokhu, bekholelwa ekutheni kungaba nokwenyuka komama abaningi befuna ukubeletha ngokuhlinzwa uma kungenasizathu sezokwelapha salokho.