Umthelela oshaqisayo wobaba abangekho eNingizimu Afrika

by Tsholofelo Masela
The shocking impact of SA’s absent fathers - Baby Yum Yum
Reading Time: 2 minutes

Labo baba abangekho empilweni yezingane zabo kunemiphumela engemihle kukona kokubili ezingeni lomuntu ngayedwa Kanye nomphakathi ngobubanzi. Kanti eNingizimu Afrika, lena inking ebaluleke kakhulu. Ngokusho kuka Tsholofelo Masela.

Kuyiqinso ukuthi izingane ezingamaphesenti angama 70 eNingizimu Afrika ziphila ngaphandle kobaba bazo emakhaya. Umthelela womphakathi ngokungabi khona kobaba ubaluleke kakhulu futhi ubanzi. Iyiphi imiphumela enganakugwemeka yalokhu?

Izinselelo ezingokozwelo & nezokuziphatha

Izingane ezinobaba abangekho ezimpilweni zabo zibhekana nokuntula iziqondiso Kanye nokwesekwa ekwenzeni noma ekuthatheni iznqumo eziphusile Kanye nokuqonda ubudlelwano. Ukuxubeka kwemizwa Kanye nezinselelo zokuziphatha izona zinkinga eziyisisekelo ezibhekana nezingane ezingenabo obaba. ngokwesibonelo, Labantwana banamathuba amathuba amaningi okubanezinkinga zokungazethembi, ukucindezeleka, Kanye nokubanobunzima bokwakha ubudlelwano obunempilo.

Ukungabi khona komuntu owubaba kuholela ekutheni uzizwe ulahliwe kanti kubanomthelela wokuntengantenga kokukhua komqondo, ikakhulu kubafana abanganabo obaba. Esimweni samantombazane akhula engenabo obaba, maningi amathuba okuthi bazihlanganise nokuziphatha ngokocansi olwiyingozi bese beba semathubeni amakhulu okungena ezigamekweni zokukhulelwa kwezingane. Izinselelo zenhlalo nokuthuthuka nokukhula ngaphandle komuntu owubaba kobona bobabili abafana Kanye namantombazane ziningi.

Owesilisa okhona futhi onamandla unikezela ngezeluleko Kanye nangeziqondiso, okukhuphula amandla omntwana okukwazi ukwethemba Kanye nokwakha amandla abo okuxhumana kahle nabanye abantu. Ukungabi khona kukababa ekhaya kungagqugquzela ukuxebuka Kanye nokungabambisani nomphakathi,okungahle kubangele ukuntengantenga kokukhula kwengqondo.

Izingane zobaba abakade bengekho ezimpilweni zabo ngebhadi bayayiphnda iphethini yokulaxaza ezabo izingane noma ukuzala izingane kubudlelwano obehlukahlukene ngaphandle kokweseka okungaguquki. Lomjikelezo ungachaphazela izizukulwane nezizukulwane bese iholela ekutheni kubenokusabalala okukhulu komama abakhulisa izingane bodwa emakhaya.

Izinselelo zomama abakhulisa izingane bodwa

Omama abakhulisa bodwa abantwana babekezelela isibopho sokukhulisa abantwana bodwa, ngaphandle kokwesekwa noma ukubandakanyeka kobaba babo, banemizwa emikhulu, ezezimali Kanye nokucindezeleka ngokomzimba phezulu kwabo. Lokhu kwenza kubenezinselelo ukuhlangabezana nazo zonke izidingo zabantwana ngendlela efanele.

Ukukhathala, ukungasebenzi kahle kwemizwa kanti nakwezinye izimo, uphuzoludakayo Kanye nokusetshenziswa kabi kwezidakamizwa izona zinselelo zomama abakhulisa abantwana bodwa. lokhu kunjalo, kuchaphazela abantwana kabi labo, ukunokuba nomzali oyedwa osebenzayo, manje uphila neqiniso lomzali ongazinzile kahle engqondweni Kanye nomunye ongekho kwakuba khona.

Imiphumela yomphakathi

Imiphakathi enenani eliphezulu lobaba abangekho empilweni zabantwana babo kaningi bavame kubhekana nezinselelo zenhlalo Kanye nakwezomnotho. Ukuntuleka kwabantu abayizibonelo ezinhle Kanye nesakhiwo somndeni ozinzile kungaba nomthelela kwinani eliphezulu lobugebengu, ukungabinakuthula ekuhlaleni, Kanye nobudlelwano bomphakathi obunzima. Isakhiwo somndeni sinegalelo elikhulu endleleni abantwana abakhula ngayo ngokwemizwa Kanye nokuziphatha ngokwengqondo.

Abazali abakhulisa bodwa izingane akufanele kulindelwe ukuthi bahlinzeke ngazo zonke lezakhiwo ngaphandle kosizo. Lokhu kunegalelo elibi ekukhuleni kwabantwana labo abanabazali abangamile kahle ngokomzimba, ngokwemizwa Kanye nezezimali kodwa balindelwe ukuthi bahlinzeke ngazo zonke izinto ezifanele ukukhuliswa kwabantwana babo.

Ukubhekana nenkinga

Abantwana abakhule ngaphandle kwezibonelo ezinhle zabesilisa ezimpilweni zabo bakuthola kubanzima ukuzula umehluko wobulili ngenxa yokukhula kwabo njengoba kubaveze kwinhlobo yemizwa yabesifazane, ngokomzimba Kanye nokuziphatha ngokwengqondo. Ingakho izinhlelo ezinjengalezi abafana emadodeni zikhona lapho abafana abasebancane Kanye namadoda aseqinile esebenza ndawonye ukugcwalisela izinselelo ezikhulayo zasekuhlaleni ezibangelwa obaba abangekho empilweni zabantwana babo.

Ukubhekana nenkinga yobaba abangekho empilweni zabantwana babo kudinga indlela enezici eningi, njengokubandakanya uhlaka lokwesekwa kwabazali abakhulisa abantwana bodwa, izinhlelo zezemfundo ezigqugquzela ububaba obunomthwalo wemfanelo, Kanye nezinhlelo eziqonde ukuqeda umjikelezo wokungabi bikho kobaba. Ngokuhlinzeka ngezinsiza Kanye namathuba kobaba ukuthi bazibandakanye ezimpilweni zabantwana babo, singazama bese sinciphisa umthelela wobaba abangekho Kanye nokugqugquzela imindeni enempilo Kanye namandla omphakathi.

The Lily Rose Collection
The Lily Rose Collection
Futurelife Mothers Food Supplement for moms

Related Articles

Leave a Comment